Songtexte.com Drucklogo

Kuyafundw' Osizini (Ilembe) Songtext
von Ladysmith Black Mambazo

Kuyafundw' Osizini (Ilembe) Songtext

Wena Lembe eleq′ amanye amalembe
Ufundephi wena?
Leso sikolo owafunda kuso singagowala kuso
Sonke abanye bathi wafunda Osizini Schoof
Wafunda wagogod' ekuhluphekeni School
Kepha wena sengathi usufuna ukukubalekela nje

Ukuhlupheka kuyafundwa ekuhluphekeni
Kuyafundwa osizini mngani wami bo!

Yizwa ke
Kwangilungela ukuba ngihlushwe
Ukuze ngifunde izimiso zakho Baba wami
Umthetho womlomo wakho muhle
Kunezinkulungwane zegolide nesiliva baba wami.


Lalela ulalelisise kahle ilwile insizwa
Ilwe namadimoni ilwe yaphumelela
Abaleka amadimoni, ayabaleka zilwile
Zilwe namadimoni evimba umculo womdabu
Ukuthi ungaphumeleli, isipho sethu
Esivela kubaba singaphumeleli

Kodwa sibizwe ngokuthi sifundile
Sifundi----le ufundeni? Wazini?
Uma ungamazi uNkulunkulu
Yini oyaziyo, uma ungamazi uMdali wakho
Yini oyaziyo, uma ungamazi ngish---ubaba wakho
Nje yini oyaziyo uma ungamazi (ngisho)

Umama wakho, yini oyaziyo?

Ungamazi umama wakho

Songtext kommentieren

Log dich ein um einen Eintrag zu schreiben.
Schreibe den ersten Kommentar!

Beliebte Songtexte
von Ladysmith Black Mambazo

Quiz
Whitney Houston sang „I Will Always Love ...“?

Fans

»Kuyafundw' Osizini (Ilembe)« gefällt bisher niemandem.